Ibhange

Ibhange iyisikungo sezenkece eyamkela izimfakelwa emphakathini futhi eqamba imfakelwa efunekayo ma inikeza umboleko. Izenzakalo zokuboleka zingenziwa yibhange nqo noma zingenziwa ngezindayi zentshahla.
Amabhange afeza iqhaza elimqoka ekuzinzeni kwezenkece kanye nezomnotho zezwe kungakho iningi lamazwe lengamela amabhange ngesandla esiqinileyo. Amazwe amaningi anohlelo lwengodla eyophahlukileyo. Ngaphansi kwalohlelo amabhange agodla ingcebo egelezayo elingana nengxenye encane yezimelo zesimanje zayo. Phezu kweminye imiyalo enenjongo yokuqinisiksa ukuba nokugelezayo, amabhanga kufanele agcine izimfuneko zentshahla yangenani okusekelwe yimivamo yamazwe yezentshahla: Imivumelwano yaseBasel.
Usobhange uyisikhulu esibhekene nomsebenzi wamabhange. Amabhange aseNingizimu Afrika ambalwa: Standard Bank, Capitec, ABSA, Nedbank, First National Bank, kanye ne-Discovery Bank. Ohlakweni wezenkece wamazwe noma obumbaneni wezenkece, inhlobo yebhange ebizwa ibhange-ngodla ilawula ukutholaka nobungakonani benkece ngenqubomgomo yezenkece.