Jump to content

Ulinganosuku

Kubuya ku Wikipedia

Ulinganosuku lwelanga yisikhathi lapho Ilanga livela ngokuqondile ngenhla kwenkabazwe, kunokuba senyakatho noma eningizimu. Ngosuku okwenzeka ngalo ulinganosuku, ilanga liphuma cishe empumalanga futhi lishona entshonalanga. Lesi simongotho senzeka kabili ngonyaka, cishe ngo-20 March nango-23 September.