Jump to content

Isichazambhalo

Kubuya ku Wikipedia
Image
Amathala e- University Library yaseGraz

Isichazambhalo njengoqeqesho, ngokwesiko lakwangqondonkulu luwukucwaningwa kwezincwadi njengezinto eziphathekayo, nezingokwesikompilo; ngalomqondo lungabizwa nangokuthi isichazancwadi. Umbhali nomchazimbhalo uJohn Carter wachazisa isichazambhalo njengebizo elinemiqondo emibili: owokuqala, lisho uluhla lwemibhalo noma izincwadi zokufunda okuqhubekayo noma imisebenzi ecutshungulwa umbhali (isichazambhalo esinanisayo ; omunye umqondo, osebenza kubaqoqi, usho "ucwaningo lwezincwadi njengezinto eziphathekayo," futhi usho "incaziso ehlelekileyo yemibhalo njengezinto" (noma isichazambhalo esichazisayo).

uMsukagama

[hlela | Hlela umthombo]

Ibizo elithi isichazambhalo liyazichaza ngokwalo ukuthi incazelo yalo igabele ngakuphi, ukuchaza imibhalo. uMlando walomkhakha usitshela ukuthi kusuka endulo, lapho izincwadi zisafaniselwa ngesandla, nasekhuwlini le-12 lapho "ukulotshwa kwezincwadi okungubuqhebeqhebe bengqondo" kwakusetshenziswa igama elifanayo. Kodwana incazelo yaleli bizo yanamuhla ivela ekhulwini le-17, okuyincazelo yokuchaza imibhalo noma izincwadi.[1] Kuyimanje, lomkhakha woku chaza imibhalo siwande ngezinga elihlanganisa nezifundo ezicubungula incwadi njengento ngokwayo.[2] Isichazamibhalo, empishekelweni yako ehleliweyo yokuqonda indulo kanye nemanje ngemibhalo elotshiwe neshicilelwe, sichazisa indlela yokumonyula ukwaziswa kuleyo mibhalo. Abachazimibhalo banelukuluku lokuqhathanisa izihlelwa zeziqakaqo kunokuthi bahlakahle umqondo wazo noma bahlole ubumqoka bazo.[3]

Umkhakha wemfundo

[hlela | Hlela umthombo]

Umchazambhalo uyisici esikhethekile senzululwazi yomtapolwazi (noma INzululwazi yoMtapolwazi noKwaziswa) kanye nenzululwazi wezibhalo. Wasungulwa umlisa obizwa Paul Otlet (1868–1944), owasungula umkhakha wezibhalo, okuyigatsha lenzululwazi yokwaziswa, futhi owabhala ngokuphathelene "nenzululwazi yomchazambhalo".[4][5] Kodwana, kukhona abathi lomkhakha womchazambhalo ofile, futhi awandile kakhulu. Kodwa uHjørland wawuvikela lomkhakha ngowezi-2007.[6]

Ucwaningo olungakanisayo lomchazambhalo lubizwa inhlolambhalo (bibliometrics)[7][8] futhi lusetshenziselwa ukwenza izinqumo ezinkulu zeqoqo ezifana nokucisha izicikicelo. .[9]

Imithombo

[hlela | Hlela umthombo]
  1. ↑ Blum, Rudolf. Bibliographia, an inquiry into its definition and designations. Translated by Mathilde V. Rovelstad. Chicago, Ill.: American Library Association; Folkestone, Kent, England: Dawson, 1980. p. 12. ISBN 0-8389-0146-8.
  2. ↑ Studies in Bibliography. http://etext.lib.virginia.edu/bsuva/sb/ Archived 2012-04-14 at the Wayback Machine.
  3. ↑ O'Hagan Hardy, M. (2017). Bibliographic enterprise and the digital age: Charles Evans and the making of early American literature. American Literary History, 29(2), 331-351.
  4. ↑ Otlet, P. (1903). Les sciences bibliographiques et la documentation. Bruxelles, Institut international de bibliographie.
  5. ↑ Otlet, P. (1903). "The science of bibliography and documentation"2. In Rayward, W.B. (trans. and ed.), (1990), International organisation and dissemination of knowledge: Selected essays of Paul Otlet. FID, Amsterdam: Elsevier.
  6. ↑ Hjørland, B. (2007). "Arguments for 'the bibliographical paradigm'. Some thoughts inspired by the new English edition of the UDC", Information Research, 12(4) paper colis06. [Available at http://InformationR.net/ir/12-4/colis06.html Archived 2018-02-03 at the Wayback Machine.]
  7. ↑ McKenzie, D. F. (1999). Bibliography and the Sociology of Texts. Cambridge: Cambridge University Press.
  8. ↑ Gow, A. S. F. A. E. Housman: A Sketch. Cambridge: Cambridge University Press, 2011. Print
  9. ↑ Denise Wolfe (2020-04-07). "SUNY Negotiates New, Modified Agreement with Elsevier - Libraries News Center University at Buffalo Libraries". library.buffalo.edu. University at Buffalo. Archived from the original on 2020-12-06. Kulandwe ngomhlaka 2020-04-18. Unknown parameter |url-status= ignored (help)