Intaba

Intaba iyingxenye yobuso bomzulane ephakeme kakhulu, ngokuvamile inamacala ayimimango agangalaze izindonga namadwala. Intaba ivame ukuhlukaniswa kunegquma, futhi ithathwa njengenesiqongo esiphakeme kunesegquma. Impakamo eyamukelwe yileyo yamamitha angama-300 ngaphezu kwendawo ezungezile, namamitha angama-610 ngaphezu kwenzalasha yolwandle. Izintaba zingaba nesiqongo noma zibe nocengece oluncane nempakama ephezulu nemimango emaceleni. Zimbalwa ezineziqongo eziqhingiwe, iningi lazo zitholakala ezintabeni eziwundi.
Izintaba zakhiwa ngeziphoqi zokuzabazaba, ukuguguleka kwemvuthuluka noma ukuqhuma kwezintabamlilo, futhi kuphela iminyaka eminingi ngaphambi kokuthi intaba ibe khona. Lapho ukwakheka kwentaba kupheza, izintaba zizoqala ukubhekana nomdludlungu wokuzulenza olusilili, ngokukhininindeleka nezinye izinhlobo zokudleka kwazo, kanye nokugugulwa imifula nangamaqeqeba.
Izimpakama eziphezulu zezintaba zibanga isimo sezulu samakhaza ukwedlula izindawo ezikunzalasha yolwandle. Lezi zimo zezulu zikhinyabeza impilandawonye yezintaba: ehlanganisa izitshalo nezilwane ezihlukile kuye ngokuphakama kwentaba. Izintaba okunzima ukuba kumile bona kuhlale izilwane kuzo, zisetshenziselwa ukuvukuza izimbiwa noma zisetshenziselwe ezokuzilibazisa njengokuqwala intaba, Uma ineqhwa ukushesheleza phezu kwalo.
Intaba ephakeme kunezinye eMhlabeni ibizwa ngentaba i-Everest, e-Ashiya, futhi iphakeme ngamamitha ayizi-8,850 phezu kwenzalasha yolwandle.
uMlando
[hlela | Hlela umthombo]Ngokuya ngosolwazi noma ososayenzi bemvelo bathi izintaba zadalwa yizintabamlilo ezenzeka uma kuqubuka okusatshe noma okusamdoko kuphuma emathunjini omhlaba kuphumele ngaphandle, bese ngemva kokuthi kome kuphenduke inhlabathi namatshe. Ngokwenkolo intaba yadalwa nguNkulunkulu, lapho uMvelinqangi ahlala khona, axhumana khona nomuntu. Kungakho intaba kuyinto eligugu kubantu abamnyama. Intaba ibaluleke kakhulu kubantu ngoba uma uphezu kwentaba uyakwazi ukubona yonke into ephansi, kanti emandulo intaba yayisetshenziselwa ukuqapha izitha ezingase zihlasele isizwe. Yingakho izinhloli zazihlala entabeni ukuqapha noma ukuvikela isizwe. Izintaba kunezintaba ezingamagugu, esizweni samaZulu, njengentaba yaseSandlwana, eMajuba eKhongela,izintaba zoKhahlamba. Ziningi izimpi ezaliwa lapho, angeke uwuqede umlando wamaZulu uma ungakhulumanga ngezintaba. Ngisho nasebhayibhelini ikhona intaba eyayibizwa ngkuthi yintaba yaseSinayi lapho uMoses ahlangana khona noNkulunkulu. U-Abrahama naye wahlangana noThixo entabeni, uma uMoses wasebhayibhelini wayehlangana noNkulunkulu ngasentabeni. Amasonto amaningi athatha intaba njengendawo engcwele, yingakho amasonto amaningi abekwe ezintabeni ezithize. Zikhona nje izintaba ezingamagugu ezizweni eziningi, isibonelo isizwe samaZulu, sinezintaba ezingamagugu njengezintaba Zokhahlamba, iMajuba nezinye izintaba. Kanti nesizwe samaNdebele naso sinazo izintaba ezingamagugu njengoMadlayi (intaba kayikhonjwa),uWuba noMhlopheni,iMkobola nezinye iintaba ezinomlando wesizwe.
Amagama esiZulu ahlobene nentaba
[hlela | Hlela umthombo]Arête - iBhoshongo
Cirque - umQakulo
Crevasse - umTshako kuQeqeba
Cove - isiGodisi
Dirt cone - umGubhuqu
Drumlin - isiDundukezo
Drumlin field - iLima lesiDundukezo
Esker - inJonjela yolunge
Fjord - iNgenela elimaqele
Fluvial terrace - umKhwelombe wokugudlwa
Glacial horn -uPhondo lweQeqeba
Glacier - iQeqeba
Glacier cave - umGede weQeqeba
Glacier foreland -
Hanging valley - isiGodi esinyonga
Hill - iGquma
Kame - isiCakafu
Kame delta - iNtathungo yesiCakafu
Kettle - iMbaqhwa
Monadnock (Inselberg) - iDwala
Moraine - iMfukuma
Moulin - iPhomela
Mountain - inTaba
Mountain pass - iNtuba/isiGece
Nunatak - iMbulekwana
Proglacial lake - iChibilika
Outwash fan - iMpephala yomHlangulwa
Outwash plain - iThafa lomHlangulwa
Pingo - iQhwagquma
Rift valley - isiGodi esinyonga
Roche moutonnée - umPhece
Side valley - isiGodi esingenela
Summit - isiQongo
Trim line - umuShwi
Truncated spur - iNtululombe
Tunnel valley - isiGodi esibhalu
Valley - isiGodi
U-shaped valley - isiGodi esibubene
Izintaba zakwaZulu
[hlela | Hlela umthombo]Isibuyaze
Imbubu
Umhlumayo
Umhlumba
Igqokli
Umkhambathini
Isibubulungu
Enhlazuka
ILenge
EThaleni
Isandlwana
UDlokwe
EQhudeni
Injesuthi
Ingomankulu
Ongoye
Bheka futhi
[hlela | Hlela umthombo]| Wikimedia Commons has media related to: Intaba |