Jump to content

Ulwandle

Kubuya ku Wikipedia
Image
Ulwandle iMeditera, olungungwe yizwe luchithela amanzi kulwandlekazi i-Atlantic.
Image
Praia da Marinha, Algarves, Portugal

Ulwandle luyindikimba yamanzi agcwele itswayi. Ngokuvamile lapho sithi ulwandle, sisho udwadwakazi lamanzi, sihlanganisa nolwandlekazi, oluyindikimba yamanzi enkulu emboza ingenxe enkulu yoMhlaba. Eqinisweni ulwandle luncane kunilwandlekazi futhi iningi lungungwe izwe ngokwengxenye noma ngokuphelele. Isibonelo zolwandle zihlanganisa ulwandle oluBomvu (red sea), ulwandle iMedithera (olukhulu), ulwandle olumpisholo (black sea), ulwandle laseNyakatho (north sea) njll.

Ubutswayi bamanzi buyahlukahluka, njengoba buphansi eduze nombuso bawo nasekungeniseni kwemifula emikhulu, bube phezulu ekujuleni kwezilwandlekazi; kodwa, izilinganiso zetswayi elincibilikileyo zihluka kancane kuzo zonke izilwandlekazi. Intilibathwa yesikhumanqa esincibilikile emanzini wolwandle ichwenzi lenaside. Lamanzi aphinde aqukathe netswayi lomGethe, itswayi lomCaphana, itswayi lomKhosha, netswayi lesigidi, ezinhlweni sevange ezitholakala kuwo. Kukhona neziphili ezinhlobonhlobo zasemanzini, ezihlanganisa iZinungwana, izingunazana, ulwelwe, izitshalo, ukhunta, nezilwane ezigcwele ulwandle. Izimpilandawonye zolwandle ziyatholakala emanzini akhanyiswa iLanga, ogwini nasekujuleni kolwandle olunomfutho nesigayegaye esibandayo. Zikhona nasezindaweni zamaqeqeba eqhwa, kuya kwimiyambi yomangijani abafudumele bezifunda zezinjikalanga. Futhi kungenzeka ukuthi iningi leziphili ezigcwele ulwandle zaqala kulezimpilandawonye.

Ulwandle yilona olulinganisela isimo sezulu soMhlaba, futhi lunengxenye ubalulekile kumjikelezo wamanzi, umjikelezo wonCalahle, nomjikelezo weNihwe. Ubuso bamanzi bunanana nomoyambulunga, zombili zinanenala ngezigubo ezifana nezinhlayiyana ngamazinga wokushisa, kanye nemisinga. Imisinga ebandayo iyimisinga yamanzi ekhiqizwa imisinga yomoyambulunga nezivungu zawo ezivunguza ebusweni bamanzi, bese zikhiqiza amagagasi omoya. Amabuya, awukukhuphuka nokwehla kwamanzi olwandle enzeka kabili ngosuku, abangwa ukundiyaza koMhlaba nemithelela yomnyondo weNyanga. Amabuya anesiju sobubuya esiphezulu emathekwini nasemtateni. Ukuzamazama ngaphansi komhlaba okubangwa ukudikiza kwezizabazaba ngaphansi kwezilwandlekazi kungaholela kumabuyalundlu, izintshabamlilo, ukuguguleka.

Umchazalwandle

[hlela | Hlela umthombo]
Image
Imifanekiso yoMhlaba eveza ukugcwala kwamanzi.

UMhlaba uwukuphela komzulane owaziwayo onezilwandle namanzi aluketshezi ebusweni bawo,[1]:22 nakuba uNotshezi enamaqeqeba eqhwa afana nawoMhlaba, futhi khona eminye ImiZulendle kolunye uzungezohlelo lweLanga, efana noMhlaba nayo enezilwandle nezilwandlekazi.[2]

Impilo eselwandle

[hlela | Hlela umthombo]
Image
UMuyambi yomangijani iphakathi kwezindawo ezinhlobonhlobo emhlabeni.

Ulwandle luyikhaya lezinto eziphilayo eziningi nezahlukahlukene ezizisebenzisa ulwandle njengendawo yokuhlala. Njengoba ukukhanya kwelanga kufinyelela kuphela ezingqimbeni ezingaphezulu zamanzi, ingxenye enkulu yolwandle ihlala imnyama unomphela. Amazinga ahlukene okujula kanye nokushisa kwamanzi akha izindawo zokuhlala ezehlukene, ngakho-ke imvelo yasolwandle inothile kakhulu ngokwehlukahlukana kwezinto eziphilayo. . : 204–229 {{Rp|pages=204–229}

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Cite error: Invalid <ref> tag; no text was provided for refs named Stow
  2. Ravilious, Kate (21 Apr 2009). "Most Earthlike Planet Yet Found May Have Liquid Oceans Archived 21 September 2013 at the Wayback Machine." in National Geographic.